Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi useveze akubona kuqinise i-Orlando Pirates esembangweni wesicoco seBetway Premiership.

UMngqithi ubewumqeqeshi weCarling All-Stars eshaywe yiBucs ngo 2-0 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo okumnizeke ithuba lokuphinde ayibukele eduze iPirates.

Ngemuva komdlalo uveze akubona kuqinise iqembu lika-Abdeslam Ouaddou kule sizini uma eliqhathanisa namasizini edlule.

“Engikubona kushintshe kakhulu ngale Pirates, esangamangaza abantu abaningi, wukuthi iyawamoshi amathuba,” kusho uMngqithi.

“Kwesinye isikhathi kubuye kwehle lokho, ngoba uma ubukisisa abazakhelui amathuba amaningi njengakuqala, kodwa basebenzisa amaphutha enziwa yiqembu ababhekene nalo.

“Bayajezisana uma wenza amaphutha kule sizini, kanti phambilini bebegeja inqwaba yamathuba.

“Ngicabanga ukuthi ukusayiniswa kwabadlali abafana noMoremi no-Appollis kubavuse emaqandeni phambili. Niyazazi izinto ezenziwa wu-Appollis.

“NoMbuthuma engabukeka egijima yonke indawo kodwa uqinile kumabhola asemoyeni futhi uyazikhandla, usiza iqembu ngokufakela izitobha ingcindezi.”