Owayengumdlali weKaizer Chiefs neBafana Bafana uDoctor Khumalo uthi uSipho Mbule kufanele adedelwe adlale ngokukhululeka eqenjeni lesizwe kwi-Africa Cup of Nations bese ‘eyavikelwa’.

UKhumalo ubeke kanje ekhuluma nabezindaba ngempelasonto edlule njengoba iBafana iqhubeka nokuziqeqeshela ukuqasha kwe-2025 AFCON.

“Ngeke ukwazi ukweluleka umdlali ofana noMbule. Unekhono azalwe nalo, ngeke umfundise ngokufanele akwenze enkundleni,” kusho uDoctor.

“Kufanele senze into eyodwa; akanikezwe igunya kokudlala ngokukhululeka, enze afuna ukukwenza kodwa avikelwe.”

UKhumalo wenze isibonelo ngoJohn ‘Shoes’ Moshoeu owayevikelwa abanye abadlali basesiswini ngezikhathi zakhe.

UKhumalo uthi uMbule akufanele achithe isikhathi esiningi emakisa ngoba kuzophazamisa umsebenzi wakhe uma kuyiwa phambilini.

“Sifuna adlale ezingeni eliphezulu. Uma ufuna amake, ajahe abadlali, uzonciphisa akwazi ukukwenza uma siya phambili.”

IBafana kusasa izobhekana neGhana kumdlalo wobungani wokugcina ngaphambi komdlalo wokuqala we-AFCON ne-Angola ongo-22 December.