Njengoba sekusele izinyanga kuqale i-2026 FIFA World Cup, uhulumeni waseMexico usuqale izinhlelo zokulungisa inkundla okuzodlalelwa kuyo umdlalo wokuvula lo mqhudelwano.
Inkundla okuzodlalelwa kuyo umdlalo weMexico neBafana Bafana yi-Estadio Azteca, ethathwa njenge ‘thempeli’ lebhola emhlabeni ngenxa yomlando wayo.
I-Estadio Azteca yaqala ukwakhiwa ngo-1962m yaqedwa ngaphambi kwama-1968 Olympic Games. Ngesikhathi yakhiwa kwakucatshangwa nge-FIFA World Cup eyayizodlalelwa eMexico ngo 1970.
Manje, isilungiselelwa imidlalo weMexico neNingizimu Afrika. Phakathi kwezinto ezilungiswayo wukwandisa isibalo sababukeli sisuke ku-83,000, sisondele ku-90,000. Izihlalo zangaphakathi enkundleni zidinga ukushintshwa kufakwe ezintsha. Kuzofakwa ama-screens amasha, kuphinde kufakwe notshani obusha.
Ngaphandle kwenkundla, kulungiswa imigwaqo nezindawo zabantu zokulala ukuze zingabi kude kakhulu nenkundla.
Hermoso documento sobre el
— 🦅 (@1916Aguila) December 5, 2025
ETERNO ESTADIO AZTECA.
"Cuando el fútbol quiere hacer historia…"pic.twitter.com/aBGRtNbKXa