Umqeqeshi weRichards Bay uBrandon Truter ukufanise nokulahla iphuzu elilodwa ukudliwa yi-Orlando Pirates ‘ebingabafakeli ingcindezi’ koweBetway Premiership ngeSonto.
IPirates ithole igoli ngomzuzu ka-82, okube yingcwenga ye-free-kick eshaywe uKabelo Dlamini, yagcina inqobe ngo 1-0.
Lomphumela ubeke iBucs endaweni yesibili kwiBetway Premiership, ngemuva kweMamelodi Sundowns esesicongweni yize belingana ngamaphuzu angu-9.
UTruter uthi libaphunyukile iphuzu elilodwa.
“Unozinti (Ian Otieno) uqokwe njengomdlali ovelele ngoba evimbe ibhola izikhathi ezimbili. Angikhumbuli singaphansi kwengcindezi, siziyekele ukuthola iphuzu noma sinqobe umdlalo. IPirates ilekelelwe iset-play njengoba kwenzeka nasemdlalweni weChippa (United).
“Akulula ukuthola izikhala eqenjini lami. Nathi siwatholile amathuba, sajaha ukuthatha izinqumo ezingaphusile. IPirates ithole igoli nge-set-play. Silandele ngokwenza izinguquko.
“Igoli liholele ekutheni sihubhe umdlalo, nesikhathi esisele besingekho. Siyifakele ingcindezi iPirates, ngiyabonga kakhulu kubadlali ngokufaka umoya ngasekugcineni komdlalo. Ngikholwa ukuthi bekufanele siwunqobe lomdlalo.
“Angikhumbuli sivuleka izikhala emuva. Besingafuni ukubanikeza amathuba. USibanyoni (Thabang) noFiguaredo (Justice) baphelelwe umoya ngasekugcineni, lokho kwaphoqa ukuthi kwenziwe izinguquko. IPirates ibinezikhala, sikwazile ukuyihlasela ngokuzumisa,” kubeka uTruter.