Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uthi abanankinga nokudayisela amanye amaqembu ePSL abadlali uma ezimisele ngokukhipha imali ebafanele.
Njengoba isibheke ngasemaphethelweni isizini ka-2025/26, amaqembu amakhulu aseqalile ukubheka abadlali abazosayiniswa. Ezinkundleni zokuxhumana abalandeli baveza ukuthi bafuna kusayiniswa obani ukuze amaqembu abo ezodlala kangcono. Kulokhu umdlali okubukeka efunwa ngapha nangapha nguSiyanda ‘Skhwishi’ Ndlovu.
Ngaphandle kwakhe, kukhona no-Isaac Cisse. Bobabili badlala esiswini.
Ebuzwa ngokuhamba koju lwabadlali, uMngqithi uthe akanavalo ngokushiya kwabo ngoba ubesevele eqalile ukubheka abazovala izikhala futhi sebekhona.
“Ngisayinise inwaba yabadlali abasakhula ukuqinisekisa ukuthi sisala sineqembu uma sidayisa abanye abadlali bethu,” kusho yena.
“Sesiqalile ukubona abadlali abafana noNhlanhla Gasa esimnikeze amathuba okudlala noSabelo Sithole uyadlala. Ungomunye umdlali ongathatha indawo yabadlali okungenzeka ukuthi bayafunwa.
Cisse๐๐ป๐ฅ๐ฉ pic.twitter.com/AR6Obhkwwd
— Lamontville Golden Arrows FC (@goldenarrowsfc1) March 10, 2026
“Ngingajabula uma singathola imali enhle ngalaba badlali ukuze sizophinde siyifake eqenjini, ngoba iqiniso ukuthi ngeke sikubalekele ukuthi asinayo imali njengamanye amaqembu.
“Kufanele sizimisele ngokudayisa kodwa akufanele sikwenze ngobudomu. Sizodayisa ngemali enhle. Asikaqali ukukhuluma ngokudayisa abadlali kodwa, okwamanje sisagxile ekuqinisekiseni ukuthi siqeda kwitop 8 kule sizini.”