Umqeqeshi obambile kwiKaizer Chiefs uCedric Kaze uthi bekubafanele ukuthatha amaphuzu amathathu kwiDurban City abayishaye ngoswazi abadume ngalo luka 1-0 eFNB Stadium ngeSonto ntambama.

Amakhosi ahambe namaphuzu aphelele ngegoli elivalelwe wuGlody Lilepo esiwombeni sesibili. Lo mphumela ubukhulule emoyeni abaqeqeshi ababambile kwiChiefs njengoba bese kudlule amasonto amane ingayazi iwin.

“Bekuwumdlalo esiwuphathe zisuka. Kusifanele ukuthola amaphuzu amathathu,” kusho uKaze ngemuva komdlalo.

“Umphumela uzonikeza wonke umuntu ukuzethemba, futhi kuzosikhulula ukuthi silungiselele kahle umdlalo olandelayo.

“Abalandeli bahlale bekhona futhi bayazi wonke amaqembu abuye abhekane nesikhathi esinzima.

“Sidlulile kuso, futhi siyethemba indlela esidlale ngayo namhlanje izosibeka endaweni engcono.”