Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ushayele iVAR ihlombe ngemuva kokubuka ezakhe zigxoba iStade Malien ngo 3-0 emlenzeni wokuqala we-quarterfinal yeCAF Champions League izolo.

ISundowns inqobe umdlalo ngamagoli avalelwe wuKhuliso Mudau, Brayan Leon no-Iqraam Rayners. Umdlali odabuka ePortugal uNuno Santos ubuye nama-assist amabili kulo mdlalo.

Njengoba bekusetshenziswa iVAR kulo mdlalo kusizile ngoba kudingeke ukuthi isetshenziswe kabili iSundowns incishwa amagoli acacile.

“Salinyalelwa wumdlali emdlalweni odlule, umdlali wangalithola ikhadi elibomvu. Sabona emdlalweni odlule kwenzeka izinto ezimbili ezazidinga kungenelele iVAR, kodwa ibingekho.

“Onompempe kufanele basizwe, umdlalo usushesha kakhulu manje futhi nengcindezi isuke iphezulu, badinga usizo kuleli thuluzi.

“Anginankinga nonompempe, ngiyabeseka nje ukuze bezobangcono ngoba ngisho nathi sayawasebenzisa ama-video.”

Umlenze wesibili uzodlalwa ngoLwesihlanu ngesonto elizayo (20 March). Phakathi nesonto iSundowns izobhekana neMarumo Gallants kumdlalo weBetway Premiership.