Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi usola umklomelo kaR100,000 onikezwa umdlali ovelele ngokuthikameza isimo somqondo kubadlali esiwombeni sokuqala emdlalweni wabo neSekhukhune United abayigqishe ngo 3-1 eKing Zwelithini Stadium koweCarling Knockout izolo.

I-Arrows izibekisele indawo kuma quarterfinal ngamagoli avalelwe wuJerome Karlese, Ayabulela Maxwele, no-Ayanda Jiyane. ISekhukhune ibikade ihamba phambili kulo mdlalo ngemuva kwegoli likaBradley Grobler elingene ngomzuzu ka-45.

“Asidlalanga kahle esiwombeni sokuqala. Asiyihloniphanga indlela ebesihlele ukudlala ngayo, futhi besinokuzingabaza,” kusho uMngqithi ngemuva komdlalo.

“Abadlali bethu basesiswini bebefika emva kwesikhathi emabholeni. Ngibone nabadlali bedlala ngehabana ngenxa kaloR100 000 onikezwa umdlali ovelele. Besenza izinto esingazijwayele esiwombeni sokuqala. Ngizamile ukubaqondisa ngesikhathi siye ekhefini.

“Sishintshe indlela ebesimi ngayo enkundleni kancane esiwombeni sesibili, engicabanga ukuthi kusisizile. Sibonge kubadlali abangene besuka ebhentshini. Bangene badlala kahle.

“Besingabafana abadlali abanava kodwa siqoke ukufaka abafana abancane, sathi abangene enkundleni baveze abakwazi ukukwenza.

“Indlela esidlale ngayo esiwombeni sesibili, yindlela ebengifuna sidlale ngayo kwesokuqala. Besiwuphethe umdlalo esiwombeni sesibili futhi bekusifanele ukunqoba umdlalo.”

I-Arrows izothola ithuba lokukhokha umoya emasontweni amabili alandelayo njengoba kuyiwa ekhefini le FIFA. Isiyoze idlale ngo-October 22 neStellenbosch FC.