Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uthi akabhekile ukuvika izembe noma ukuqeda kwitop 8 kuphela kule sizini, kunalokho wakha iqembu afuna lilwele ukunqoba imiqhudelwano.

UMngqithi ubeke kanje ngemuva kokubuka ezakhe zigqisha i-Orbit College ngo 3-0 kumdlalo weBetway Premiership ngoMgqibelo eKing Zwelithini Stadium. Bekungokwesine Abafana Bes’thende benqoba kule sizini, emdlalweni ewu-9, ukubabeke kunombolo 7 kwilog.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMngqithi ukhumbuze izintatheli ngamazwi awasho ingakaqali isizini.

“Ekuqaleni kwesizini ngathi ngakha iqembu engifuna lilwele ukunqoba yonke imiqhudelwano elidlala kuyo, hhayi iqembu elibheke ukuqeda kwitop 8 noma ukuvika izembe,” kusho yena.

“Izinhlelo zethu zihamba kahle, kodwa akumele sithatheke. Wonke umuntu uyaye abheke amaqembu anemali ukuthi anqobe imiqhudelwano, kodwa ngikholwa wukuthi uma uneso elihle futhi uwuthanda umsebenzi wakho, lokho kuyavela emdlalweni.”

UMngqithi ubeka kanjena nje ngoMgqibelo uyasuka umshikashika weCarling Knockout. NgoMgqibelo i-Arrows izobhekana neSekhukhune United eKing Zwelithini Stadium ngo-18:00.