Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso uthi bashode ngegoli kuphela emdlalweni wabo neMarumo Gallants ebakhiphe kwiCarling Knockout kuma-penalty izolo ebusuku.

IGallants idlulele phambili ishaya iDowns ngo 7-6 kuma penalty ngemuva komdlalo obuphele zibambene ngo 0-0 eLucas Moripe Stadium.

“Abadlali bami badlale kahle bebhekene neqembu ebelivale emuva umdlalo wonke. Besibhekene neqembu elisihlasele kabili noma kathathu emizuzwini ewu-120,

“Kulula ukuthi ‘besilandela amaqhinga ethu’ – cha, bamelane nathi umdlalo wonke. Bakwaze ukumelana nokuhlasela kwethu…ngeke sikhalaze ngendlela abadlale ngayo, abadlali bethu bahlulekile ukukora.

“Balwile kodwa, ngisho sesidlala ngabadlali abawu-10, sibone iSundowns isawuphethe umdlalo. Sibe nenkinga yokungakori nje. Ngeke ngikhalaze ngokudliwa kuma-penalty ngoba kungenzeka noma yini kuwo.

“Umdlalo besiwuphethe kusukela uqala waze wayophela, kodwa sikoranga.”

ICarling Knockout kuzoba wumqhudelwano wesibili uCardoso asehluleke ukuwunqoba kule sizini ngemuva kokuhluleka ukunqoba iMTN8. Lokhu kusho ukuthi sekusele isicoco seligi neNedbank Cup uma kukhulunywa ngemiqhudelwano yePSL.

ISundowns isiyoze ibuyele ensimini October 17 emdlalweni weCAF Champions League neRemo Stars.