Umqeqeshi weLamontville Golden Arrows uManqoba Mngqithi uthi uSiyanda Ndlovu ungomunye wabadlali abasezingeni eliphezulu abadlala kwiBetway Premiership futhi umbona efanelwe wukugijima kwiBafana Bafana.
UNdlovu (23) ushaya into ecokeme endishini yaBafana Bes’thende kule sizini njengoba enamagoli amathathu nama-assist amahlanu emdlalweni emdlalweni ewu-12 (emibili kwiCarling Knockout newu-10 kwiBetway Premeirship).
“Lo mfana uyamangalisa ngezindlela eziningi,” kusho uMngqithi ngoNdlovu ozalelwe eDannhauser, KwaZulu-Natal.
“Yingakho ngike ngathi ungomunye wabadlali okufanele ngabe iqembu lesizwe liyambuka.
“Yikhono elifana nelakhe elikhimbisa ibhola lethu. Uma ngibuka yena ngimqhathanisa nabadlali abaseqenjini lesizwe, noma nabadlali abathola ithuba lokuyodlala phesheya, lo mfana kumfanele konke lokho.”
“Onyaweni muhle, futhi engakumangaza nangamandla anawo. Uyagijima, uyacindeza, unesivinini, futhi akavamile ukwenza iphutha.
“Mugle phambi kwepali futhi uyayishaya i-passs. Uwumdlali osedlala kangcono ngendlela emangalisayo, usikorela namagoli amqoka.
“Ungomunye wabadlali abaphambili kuleli njengamanje.”
UNdlovu ungomunye wabadlali nathi kwiGibela ebesizitshela ukuthi uzongena okungenani kwi-preliminary squad kaHugo Broos uma kubukwa indlela adlala ngayo esiswini.
UBroos nokho ugcine eqoke ukuthi uzokhetha koTeboho Mokoena, Thalente Mbatha, Sphephelo Sithole, Masindi Nemtajela, Ndamulelo Maphangule, Siphesihle Mkhize, Bathusi Aubaas, noLuke le Roux kubadlali basesiswini.