Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usephumele obala ngempi yabo ne-Orlando Pirates abaningi abangayinakile yokuzibekisela indawo kwi-2029 FIFA Club World Cup.

Kuzokhumbuleka ukuthi iSundowns iqophe umlando yazakhela udumo emhlabeni idlala kwiClub World Cup yokuqala enamaqembu awu-32. IDowns yadlala namaqembu okubalwa kuwo iBorussia Dortmund yaseGermany neFluminense yaseBrazil.

Njengamanje iPyramids FC isisithathile isikhala sokuqala samazwe avela e-Africa njengompetha beCAF Champions League bangesizini edlule. Izikhala ezisele ngezamaqembu azowina iCAFCL yakule sizini (2025/2026), eyangesizini ezayo (2026/2027) kanti esokugcina sizoya kwiqembu elizonqoba lo mqhudelwano ngesizini ka-2027/2028.

Njengoba iSundowns ikhishwe kowamanqamu ngesizini edlule, isendaweni engcono kunePirates ngokwama-rankings uma kwenzeka kuba khona iqembu elizoyinqoba kabili iCAFCL kule minyaka elandelayo.

UCardoso uthi ukuphuma kwePirates ingakafinyeleli ngisho esigabeni samaqoqo kuzophazamisa izinhlelo zayo zokudlala kulo mqhudelwano.

“Kufanele sikuqonde ukuthi eminyakeni emine ezayo kuza iClub World Cup, futhi iPirates iqhudelana neSundowns ukungena kwiClub World Cup,” kusho uCardoso ngaphambi komdlalo wabo weligi nePirates kusasa.

“Ukungadlali esigabeni samaqoqo isizini yonke kuzobathikameza. Uma senza kahle lokho kuzosiqoqela amaphuzu azosibeka endaweni engcono uma sekubhekwa azoyodlala kwiWorld Cup.”

Inkulumo kaCardoso isiveze elinye ikhasi ngezizathu zokulwa kweBucs ukuthi idlale kwiCAFCL kule sizini njengoba isazama ukuphendula umphumela womdlalo wayo neSt-Eloi Lupopo ngokufaka isikhalo kwiFIFA esithinta umqeqeshi uGuy Bukasa nabadlali ababili.

Uma iphumelela izodlala esigabeni samaqoqo, kodwa konke kulele kwiCAF ezothatha isinqumo kuyo le nyanga njengoba imidlalo yamaqoqo izoqala ngoNovember 21.