Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi abadlali bakhe bebengenza kangcono phambi kwepali kumdlalo wesemi-final ye-MTN8 ne-Orlando Pirates ophele ngo 0-0 e-Orlando Stadium ngoMgqibelo.
Mamelodi Sundowns ishayele unozinti we-Pirates izikhawu eziwu-9 kulo mdlało kodwa alkho nelilodwa ishodi elivinywe wuRichard Ofori. Udonga lwePirates beluqinile kulo mdlało kanti nasesiswini uNdabayithethwa Ndlondlo, obeqala ukudlalela iBucs, ube nomdlalo omuhle nozakwabo. ISundowns iwakhile amathuba okukora kodwa ibuhluleka ukufaka amabhola amahle ebhokisini, okuyinto uMngqithi akhale ngayo ngemuva komdlalo.
“Bekuwumdlalo omuhle ojabulise abalandeli, kube yishwa nje ukuthi sihlulekile ukuvalela igoli. Kubi kakhulu uma ubuka ukuthi sihluleke ngisho ukushaya ishodi ebelibheke kunozinti, ikakhulukazi uma ubuka ukuthi bekunezimo ebezingasisebenzela la uMadua afake khona amabhola amabi. Mhlawumbe ubengenza kangcono ukube uqale walicisha ibhola bese eyaligoba, ngoba bekungamathuba amahle lawaya,” kusho uMngqithi.
Sundowns nePirates bazophinde batholane kumlenze wesibili ngi-22 October ePeter Mokaba Stadium.
Kusasa kuzobhekana iKaizer Chiefs naMaZulu ngo-15:30 ntambama eFNB Stadium.