Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane uthi ezakhe bezingawavalela amathuba afinyelele ku-6 kumdlalo wabo weMTN8 naMaZulu ngeSonto. Umdlalo ugcine uphele ngo 1-1 eFNB Stadium, sekumuncu kulandela ukukhishwa kwabadlali ababili boSuthu noyedwa weChiefs sekuphele umdlalo.

IChiefs yakhe amathuba awu-24 okukora kulo mdlalo kodwa awu-7 kuphela avinjwe wunozinti woSuthu uVeli Mothwa.

“Uma ungawavaleli amathuba akho ugcina usungemuva ujaha iqembu odlala nalo njengoba kwenzekile namhlanje (izolo). Lokho kugcina sekudala amathuba okuthi bavalele igoli lesibili, kodwa baze neqhinga elihle lokuthi bavale emuva ngemuva kokushaya igoli lokuqala,” kuchaza uZwane.

“Siyazi besingenza kangcono. Sakhe inqwaba yamathuba, besingawavalela amane, amahlanu noma ayisithupha. Kodwa ke akwenzekanga.

“Sizenzele thina ukuthi umsebenzi ube nzima. Ukungenisa kwethu igoli kusho ukuthi singemuva, kumele sifike eThekwini kumlenze wesibili siqinisekise ukuthi siyanqoba. Kumele sivalele amagoli eThekwini,” usho kanje.

Umlenze wesibili uzodlalelwa eMoses Mabhida ngo-October 23 ngo-15.30 ntambama.