Oyinhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi usephumele obala ngokufaka uRomain Folz ethimbeni azosebenza nalo kulesizini.

UFolz akanawo ugazi kubathandi bebhola bakuleli kwazise wabhinjelwa yizinto kwiMarumo Gallants nakuMaZulu. 

UFohloza waxoshwa esaqeqeshe emidlalweni eyisithupha kuphela kwiGallants, wahluleka nakowodwa umdlalo. 

Lomqeqeshi waphindwa yizembe oSuthwini yize wahlala isikhashana. Imiphumela yamphika oSuthwini, wanqoba emidlalweni emine, wahlulwa kweyisithupha.

UFolz wathola ithuba eliyingqayizivele eGuinea waqeqesha iHoroya SC eyiqembu elihlonishwayo. Wahlala izinyanga eziyintathu ngaphambi kokuxoshwa.

UMgqithi ulande uFolz esenesikhundla kwiFIFA okubikwa ukuthi wayesitholelwe inkakha kwezokuqeqesha u-Arsene Wenger.

UMngqithi ukholwa ukuthi uFohloza wenza umsebenzi omuhle kwiGallants, wayisayinisela abadlali abahle njengo-Ismaila Toure.

“Kuyibhadi ukuthi abantu bakulelizwe bayakwehlulela uma izinto zimgakuhambelanga kahle lapho owasebenza khona ngaphambilini. 

“UFohloza wasayina abadlali abanohlonze kwiMarumo. Wasayina uDion (Junior) ongumgadli kuMaZulu, wathola noToure osedlala kwiStellenbosch naye ongumdlali osezingeni. Wasayina noLesiba Nku osengene khaxa kwiSundowns.

“Uyabonakala umehluko nekhono lakhe uma uzohlolisisa kahle imidlalo yakhe kwiMarumo. Ngagculiseka ngaye, ngambizela eGoli ngesikhathi esebenza kuMaZulu ngoba ngangifuna ukuthola amaqhinga akhe.

“Ngilethe umqeqeshi onamava eqenjini. Abantu abamkhuluma kabi bazogwinya amazwi abo. Bazoqonda ukuthi angisebenzi nabantu ngoba kuyizihlobo zami noma umndeni. 

“Ngiyakwazi engikufuna kuRomain, useqalile ukungikhombisa lokho. Nabadlali bayamlalela ngoba bayazibona lezinto ezingezinhle ezibhalwa ngomqeqeshi,” kubeka uMngqithi ekhuluma ohlelweni iMarawa Sports Worldwide kuRadio 974FM.

UMngqithi uthi kunento eyabonwa uWenger kuFohloza.

“Uma u-Arsene Wenger emsondeza eduze, lokho kuchaza ukuthi uyawazi umsebenzi ngoba u-Arsene uyinjulabuchopho. Wayeqashwe u-Arsene Wenger kwiFIFA kodwa ngaqhubeka nokuxoxa naye ngoba ngangifuna ukuthola ithuba lokusebenza naye. Ngimbona enekhono elihle,” kuchaza uMngqithi.