Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso usephinde wazwakalisa ukungenami ngokugqilazwa kwezakhe ngemidlalo eseduzene engabanikezi isikhathi esanele sokuphumula nokuhlela.
UCardoso ukhalaze ngalokhu ngemuva kokubuka ezakhe zishikiliswa yiSekhukhune United, abayikhiphe ngo 1-0 kwi-extra time kwiquarterfinal yeNedbank Cup.
IPSL imemezele kungalindele muntu ukuthi umdlalo weSekhukhune neSundowns uzodlalwa izolo, okwaxaka abaningi ngoba kuyaziwa ukuthi abanye abadlali beSundowns bebesesikwatini seBafana Bafana ebidlala e-Ivory Coast ngoLwesibili.
“Okokuqala nje ngicela ukucacisa ukuthi bekungafanele ngabe siyadlala namhlanje,” kusho uCardoso ngemuva komdlalo.
“Kubalulekile ukuthi abantu abaphethe ibhola laseNingizimu Afrika bazi ukuthi amaqembu amele izwe. Njengoba sidlala nje namhlanje, kuneqembu esizobhekana nalo ngoLwesibili elilungiselela umdlalo, liphumule, libeka abadlali esimeni esifanele ukuze badlale kahle umdlalo weChampions League.
“Akufanele ngabe silapha namhlanje!”
UCardoso uqhube wakhala nangesinqumo sika-linesman othe igoli likaPeter Shalulile beliyi-offside. Lo mqeeqeshi uthi bekuyigoli elicace bha.
ISundowns izobhekana ne-ES Tunis kwi-quertfinal yeCAF Champions League eLoftus Versfeld ngo-3 ntambama.