Ungqongqoshe wezemidlalo kuleli uGayton McKenzie usephinde wamemezela ukuthi buzoqala ukusetshenziswa ngenyanga ezayo ubuchwepheshe beVideo Assistant Referee (VAR) kuleli.

Ngonyaka odlule uMcKenzie wayevele ethe ufisa yethulwe ngo-April 2025 iVAR kwiPSL, okuyinto aseyiniqinisekisile emakhasini akhe ezokuxhumana.

“Sengiwulindele ngabomvu u-April, inyanga ye-VAR,” kusho uMcKenzie namhlanje ekuseni.

“Ngisamile kwisithembiso sami. Ibhola lethu lihle, kodwa lizoba ngcono kakhulu uma sekukhona iVAR. Sihamba nezikhathi zesimanje.”

Okwamanje iPSL ayikasho lutho ngezinhlelo zokufakwa kweVAR kwimidlalo kule sizini. Ngesikhathi egcina ukukhuluma ngakho u-Irvin Khoza wakhala ngokuthi abanele onompempe abakwazi ukusebenzisa lobu buchwepheshe futhi bazodinga ukulekelelwa ezimalini, nokuyilapho uMcKenzie angenelela khona.

Ukufakwa kweVAR kwiPSL kungase kwehlise izikhalo ngezinqumo zonompempe okuhlale kwenzeka njalo ngemuva kwemidlalo.