Umgadli we-Orlando Pirates uthi uhlela ukugqilaza inethi kabi emdlalweni asazoyidlala kule sizini ukuze engazibeki uma umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos eseqoka isikwati esilandelayo.

UMabasa ungomunye wabagadli abaphambili kwiPSL kule sizini kodwa akavamile ukubizwa kwiBafana Bafana. Umqeqeshi weqembu lesizwe uvame ukuqoka uzakwabo u-Evidence Makgopa njengoba enza kwi-AFCON edlule, kodwa uMabasa uzwakala ewumuntu osekubeke phambili ukuqinisekisa ukuthi uyangena esikwatini kulo nyaka.

“Ngicabanga ukuthi ngishoda nge-consistency. Ngingathanda ukukora amagoli imidlalo ilandelana,” kusho uMabasa engxoxweni neSoccerBeat.

“Mhlawumbe emdlalweni ewu-8 ngivalele amagoli awu-15, ngimenzele umsebenzi wakhe ube lula ngokumkhombisa ukuthi kufanele angikhethe. Kunzima njengamanje ukuthi ngingene esikwatini.

“Okwamanje, uzoqhubeka asebenzise abagadli abebasebenzisa okungoLyle Foster, Evidence Makgopa, bese kuba khona mina no-Iqraam Rayners.

“Sonke senza kahle ngokwethu, sivalela amagoli njengoba besenza nangesizini edlule.

“Ngisho ngabe ukhetha bani, angikungabazi ukuthi kuba yisinqumo esinzima. Uma ngivalela amagoli awu-8 emdlalweni ewu-15 kodwa ngeke ngingabizwa eqenjini lesizwe.”

UMabasa unamagoli amahlanu kwiligi kule sizini.