Owayengumqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Ernst Middendorp, usephumele obala ngokwenza Amakhosi agcine ngokusikhomba isicoco seligi ngesizini ka-2019/2020. Ngaleyo sizini iChiefs yasigeja ngosuku lokugcina isicoco seligi okuyinto esabazwisa ubuhlungu namanje abalandeli bayo kangangokuba abanye umunwe basawukhomba kuGeorge Maluleka owashiya iqembu wajoyina iMamelodi Sundowns phakathi nesizini.
Ekhuluma ne-iDiski Times uMiddendorp uthi okwabaphuthisela ngesicoco ukuhluleka kwabadlali ukuziqeqesha ezingeni elifanele kulandela ukuvalwa kwezwe (lockdown) ngenxa yeCovid-19.
“Sasihlangana nabadlali kabili ngenyanga sizama ukwakha ubumbabo nokuthi bahlale ezingeni elifanayo ngesikhathi iligi imiswa ngoMarch kuya ku-June. Sasingeke ke sikuqaphe konke abakwenzayo, ngemuva kwamasonto amabili saqala sabona umehluko emzimbeni nakwisimo somqondo ukuthi akusafani nangesikhathi ingakavalwa iligi ngena yeCovid-19.
“Ngokwami lokhu yikona okwadala ukuthi sigeje isicoco seligi. Kwakubukeka sengathi sesiqedile ngaso kodwa sahluleka ukuziqeqesha ngendlela. Ukube sasikwazi ukubona abadlali ekuseni nantambama, sasizosinqoba isicoco nakanjani.”
UMiddendorp uqhube waveza ukuthi kubadlali abawu-10, bayisithupha kuphela ababenza yonke into ngezinga elifanele, bese kuba khona abane ababengakwenzi.
“Udinga wonke umuntu enkundleni, hhayi abadlali abawu-6 kwabawu-10. Wonke umuntu kwakumele azinikele enkundleni umdlalo wonke.”