Umqeqeshi osanda kubuyela kwiMarumo Gallants, uDan Malesela, ukushayela ihlombe ukuhamba kukaNdabayithethwa Ndlondlo, osewumdlali we-Orlando Pirates, ngoba kukhomba ukuthi ufuna ukukhula.

Nakuba leli qembu lidonsa ngodizili kwiDStv Premiership, abaphathi balo bakhethe ukumdayisa uNdlondlo obengomunye wabadlali abashisayo kwiGallants.

“Angiphoxekile ngokuhamba kwakhe. Ngiwumuntu obuka izinto ngendlela eziyiyo, abadlali kumele bavunyelwe ukukhula. Sisayiqembu elisha, ngakho uma kuqhamuka ithuba lokuthi umdlali wethu ajoyine iqembu elifana ne-Orlando Pirates, kusho ukuthi uzokhula.

“Imali azobe eyihola kwiPirates akasoze ayithola la, uzokwaziwa kakhulu uma eseyidlalela futhi. Ngijabule ngoba ngibe nesandla kwimpumelelo yomunye umdlali.”

UMalesela uthe kuzomele bathole umdlali ozovala isikhala sakhe kodwa bakhoba abadlali asebabonile ukuthi bangakwenza.