Owayengumdlali weKaizer Chiefs osewumhlaziyi webhola uJnr Khanye uyishayele ihlombe iBafana Bafana ngokunenebula iSierra Leone, kodwa waveza ukuthi akaneme ngokubekwa ebhentshini kukaRushine De Reuck. Ngaphezu kwalokho uKhanye ugxeke izinga labadlali beSierra Leone wathi ngisho naye noTso Vilakazi bebengabizwa kulo mdlalo bayishubisele.
“Esiwombeni sokuqala badlale kahle kakhulu, uMshishi ulikhombisile izinga lakhe, bonke abadlali abadlalile namhlanje (ngoMgqibelo) badlale kahle. Kodwa ke izinga leSierra Leone liphansi. Labantu singababhaxabula nathi, yimi uTso noJustice…kodwa ngiyayincom iBafana, idlale kahle kakhulu,” kusho uKhanye kwiDiski TV.
“Bonke abadlali badlali kahle kodwa bebedlala noba? Kumele sikhulume iqiniso, ayikho into ebidlalwa yiSierra Leone, amaloli lawa. Uma iNingizimu Afrika ifuna ukuvivinya leli qembu kumele badlale noNigeria. NeBotshwana nayo inezinga eliphansi, ngiyabahlonipha, kodwa ngekebhola abasondeli ngisho kwizinga leDStv Premiership,” usho kanje.
UKhanye uqhube wakhuza ukungabizwa kwabadlali beMamelodi Sundowns phambilini, wathi kuhle ukubona ukuthi sesinyukile isibalo sabadlali bayo ababizwayo.