Sphamandla Gumede
Ushaywe walahla ithemba ngesicoco seligi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane oveze ukuthi ezakhe zizoqinisa kakhulu ekunqobeni iNedbank Cup uma zihluleka ukuvikela i-Absa Premiership.
ICape Town City imangaze abaningi ihlula iDowns emdlalweni weligi ngo 3-2 eLoftus Versfeld izolo ebusuku.
USurprise Ralani ushaye amagoli amabili eCity ngeziwombe ezahlukene. Elinye igoli leCity lishaywe uKermit Erasmus ngomzuzu ka-43. Amagoli eDowns ashaywe isitobha uWayne Arendse noKeletso Makgalwa. Womabili lamagoli angene esikhathini esengezwe unompempe ngokuhlukana kweziwombe.
“Bekuwumdlalo onzima kakhulu. Senze amaphutha, ikakhulukazi ngegoli lesithathu. Umdlalo ubusavulekile, besinethuba lokubuya emdlalweni ngoba silishayile elinye igoli. Kunzima kodwa sizoqhubekela phambili. UKermit Erasmus uhlakaniphile kakhulu, uyabahlupha abadlali basemuva. Kusiphatha kabi ukusala kwiKaizer Chiefs ngamaphuzu ayisithupha kodwa sizoqhubeka silwe,” kuchaza uPitso ecashunwa abeSuperSport TV ngemuva komdlalo.
IDowns iyeke ithuba lokuvala igebe esicongweni se-Absa Premiership njengoba iChiefs iqhwakele ngamaphuzu angu-52 ngemuva kwemidlalo engu-24. Leliqembu laseChloorkop linamaphuzu angu-46 emidlalweni elinganayo neChiefs.
“Sizozama ukuwina iligi ihlandla lesithathu kulandelana. Akukho lula, ngeke uhlezi uthola konke okufunayo. Umdlalo uhamba ngendlela exakile. Kumele sivume uma izinto zingahlangani. Uma singayinqobi iligi, sizolwela iNedbank Cup. Lokhu kuyemzeka ebholeni, ngeke uwine zonke izindebe kodwa sizozilwela zonke,” kubeka uPitso.
UJingles ubalule ifomu yabadlali abamqoka njengesizathu esenza iqembu lingawini selokhu kubuye imidlalo yeligi.
“Abadlali abasemqoka abekho efomini. UThemba Zwane akekho ezingeni kodwa simgcinile enkundleni. USibusiso Vilakazi noGaston Sirino nabo kuyafana. USirino ushaywe ukuzethemba, wahluleka ukuthatha isinqumo esifanele, bekumele aphasele ozakwabo. Wayeka ithuba elikhulu. Ngenxa yalokhu, uSirino ucashile esiwombeni sesibili, ubengekho emdlalweni. Sizoqhuba silwe. Uma singayinqobi iligi, sizoqinisa kwiNedbank Cup. Kunzima kodwa sizoqhubekela phambili.