Sphamandla Gumede
Umqeqeshi weqembu lesizwe laseZambia uMilutin ‘Micho’ Sredojevic uthi i-Orlando Pirates ayibaphathi kahle abadlali basemazweni angaphandle.
UMicho, osule njengomqeqeshi wePirates ngo-Agasti 2019, uthi abadlali basemazweni angaphandle bakhishwa inyumbazane kuleliqembu.
“Eminyakeni emibili engiyihlale kwiPirates, uJustin Shonga no-Augustine Mulenga bebeyizinsika zeqembu ngesikhathi silwela iligi. Kuningi okushintshile ngesikhathi sengihambile. Ungabagxeka abadlali ngo-99% kodwa u-1% uyakhombisa ukuthi indlela iqembu eliqokwa ngayo licwasa abadlali bangaphandle abafana noShonga kanye noMulenga,” kusho uMicho ekhuluma nabeSoccer24.
IBucs ibisematheni kulezi zinsuku njengoba ibimise uThembinkosi Lorch noShonga ngesizathu sokuphula imigomo yebio-bubble. Laba badlali bebengayona ingxenye yekhempu. Ngemuva kokungenelela kwekomidi eliqondisa izigwegwe, iBucs ibuyise uLorch kuphela.
“Bobabili abadlali bebemisiwe kodwa iqembu libuyise uLorch kuphela, uShonga yena usamisiwe. Kunzima ukuphila ungumuntu wasezweni langaphandle eNingizimu Afrika. Ngiyafisa ukubona iNingizimu Afrika iyizwe elihle kodwa kunzima kubadlali ngoba kufanele basebenze kakhulu ukuze bezophumelela,” kuchaza uMicho.