Sphamandla Gumede
Amazulu agcine emkhombe indlela umqeqeshi obesenuka manambana kubalandeli beqembu uJozef Vukisic.
Usuthu lunikeze lomqeqeshi ikhefu ngoMashi nonyaka, kwaqokwa u-Ayanda ‘Cobra’ Dlamini njengebamba. UDlamini usizwa uMoeneeb Josephs njemgephini likamqeqeshi.
UVukusic ujoyine Usuthu ngoSepthemba wangonyaka odlule.
Amazulu akhiphe isitatimende kuTwitter ngoLwesine, eqinisekisa lezi zindaba.
“Ngemuva kwezingxoxo ezithathe isikhathi eside, iqembu selinqume ukuxosha uJozef Vukusic. Iqembu lizoqhubeka nokweseka ibamba likamqeqeshi u-Ayanda Dlamini. Sithanda ukubonga uVukusic ngemizamo yakhe futhi simufisela okuhle kodwa ngekusasa lakhe,” kubeka iMenenja yeqembu uLunga Sokhela.
Usuthu likubeke kwacaca ukuthi ngeke lusayikhuluma indaba yalomqeqeshi njengoba iqembu lisalwela ukusuka ngasemsileni we-Absa Premiership.