Ngathi azihambanga kahle ‘izingxoxo’ zeKaizer Chiefs nowayengumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojević. Lo mqeqeshi kuthiwa uvele wathi akubuzwe uNasreddine Nabi ngesimo esibanqanda ukuthi bajoyine iChiefs ebuzwa ngayo.

Lokhu kuvezwe yintatheli ebika ngezindaba ezithintia iCAF namaligi ahlukene e-Afrika, uMicky Jnr. Ngenyanga edlule lo mqeqeshi wayeveze ukuthi ulindele ukuthi amanyezelwe yiqembu elikhulu lePSL ngemuva kwekhefu leFIFA elingesonto elizayo, kodwa isishintshile le nkulumo. Waveza lokhu nje kwakunemibiko emkhomba kuMakhosi.

“Ngiyayihlonipha iChiefs, kodwa buza uNasreddine Nabi ngayo, ngakho sengiqhubekela phambili,” ubeke kanje ebuzwa ngaMakhosi kuleli sonto.

Impendulo kaMicho ibeka ngokusobala ukuthi zike zabakhona izingxoxo phakathi kwethimba lakhe neChiefs.

Kuzokhumbuleka ukuthi uNabi wagcina engayijoyinanga iChiefs ngemuva kwamasonto ekhonjwa kuyo kulandela umsebenzi oncomekayo awenze kwiYanga eTanzania. UNabi wagcina eqoke ukungayijoyini iChiefs okuthiwa yayimcela ukuthi agcine u-Arthur Zwane noDillon Shepard njengamaphini akhe.

UKaizer Jnr wagcina ekuphikile ukuthi bake bazama ukuqasha uNabi.

Khonamanjalo iChiefs kungenzeka igcine iphoqelekile ukuthi iqashe omunye umqeqeshi kule sizini uma imphumela iqhubeka nokuphika uMolefi Ntseki. Lo mqeqeshi usanqobe imidlalo emithathu kuphela kwengu-9 kwiligi.