Umqeqeshi uRomain Folz usekhonjwe indlela kwiHoroya AC yaseGuinea ebimqashe kuqala isizini.

Lomqeqeshi ubesahlale inyanga eyodwa kuleliqembu yize esayine inkontileka yeminyaka emibili.

Abaphathi beHoroya badinwe umphumela wangempelasonto iqembu likhishwa emdlalweni wokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo kwiCAF Champions League.

UFolz ubebekelwe umbandela wokufaka iqembu emaqoqweni eChampions League, okuyinto emhlulile.

Lomqeqeshi unerekhodi elibi lokungahlali isikhathi eside eqenjini aqashwe kulo. 

Waxoshwa kuMaZulu ngemuva kwenyanga eyodwa yize ayesayine inkontileka yeminyaka emithathu. Iqembu lamnikeza esinye isikhundla ngoba sekubonakala ukuthi imiphumela ayihambi kahle. Wagcina eshiye phansi lomqeqeshi.

Ufike eNingizimu Afrika ezojoyina iMarumo Gallants, nakhona wahlala isikhathi esincane. Waqala ekhalaza ngezikhulu thizeni ezigxambukela emsebenzini wakhe.