Umqeqeshi weSekhukhune United uBrandon Truter ufuna iqembu lakhe likhombise ukuqina ukhakhayi uma selibhekene neLamontville Golden Arrows emdlalweni weligi namhlanje.

UTruter uchazwe ukuzikhandla akubone kwezakhe zikhipha iSaint Eloi Lupopo yaseCongo kwiCAF Confederations Cup ngempelasonto edlule. 

IBabina Noko inqobe ngo 4-2 uma sekuhlanganiswe imiphumela yemilenze emibili, yadlulela esigabeni samaqoqo.

UTruter ufuna badlale ngokuzimisela akubone eDR Congo.

“Ngilindele umdlalo onzima kwi-Arrows, ngibuka nefomu ekuyo. I-Arrows iqale kahle, iqoqa amaphuzu ekuhambeni nasekhaya,” kubeka lomqeqeshi ekhuluma ne-website yeqembu.

“Siyilindele ukuthi isihlasele ekhaya. Sifuna ukubuya namaphuzu aphelele. Umdlalo weCAF usigqilazile kakhulu.

Siwubheke ngabomvu umdlalo, uzosifakela ingcindezi ngoba sibuya emdlalweni osikhathazile. Ngiyathemba abadlali bawulindele lomdlalo,” kubeka uTruter.

Uma benqoba namhlanje bazokhuphukela kunombolo 5 kwi-log.