Intatheli Yezemidlalo

Unozinti weBidvest Wits uBrighton Mhlongo uzidonsele amazinyo abushelelezi ebhacaza emdlalweni weNedbank cup ezakhe zishaywa yiMamelodi Sundowns ngo 3-2 kuma-semifinals.

Umthombo othembekile kuleli qembu uveze ukuthi lonozinti uzigxeka yena ngokudlisela iqembu emdlalweni odlule.

“Ngicabanga ukuthi noma yimuphi umdlali engazizwa ngalendlela uma ezifaka ezicathulweni zikaMhlongo. Lokhu kwenzeka kubadlali abaningi emhlabeni. Leliphutha lenzeka nakunozinti uLoris Karius weLiverpool emdlalweni we-UEFA Champions League eminyakeni emibili eyedlule. Akuyena yedwa, baningi abanye onozinti,” kuchaza lomthombo ongathandanga ukudalulwa igama.

UMhlongo waba nephutha egolini lesibili leDowns. Lonozinti washumpuza ibhola engaphandle kwebhokisi, okwanikeza uMakgalwa sonke isikhathi sokushaya igoli epalini engekho unozinti.

“Isimo sikaMhlongo siyaxaka ngoba bekumele adlalele ukuthengwa amanye amaqembu njengoba iWits idayiswa. Yilokho okumphatha kabi kakhulu manje. Amaqembu ambonile ngoLwesibili ngeke amthembe. Kodwa lezi zinto ziyenzeka ebholeni,” kubeka lomthombo.

UMhlongo uzothola ithuba lesibili uma ezakhe sezitholana neKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiership e-Orlando Stadium ngoLwesithathu.