Likhulu iphuzu esilithole kwiPirates’ – Pitso

Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane uthi akumphathanga kabi ukubuya nephuzu elilodwa emdlalweni we-Absa Premiership ezakhe zidlala ngokulingana ne-Orlando Piraes eDobsonville Stadium izolo ebusuku.

IDowns iyeke ithuba lokunciphisa igebe esicongweni seligi njengoba umdlalo uphele ngo 0-0 zibambene. Leli qembu laseChloorkop lisele ngemuva ngamathathu kwiKaizer Chiefs ehleli esicongweni ngamaphuzu amathathu.

“Umdlalo ubunzima kakhulu kodwa besidlala kangcono ngesiwombe sokuqala. IPirates ishintshe amagiya esiwombeni sesibili, yaphinde yageja amathuba amabili okushaya amagoli. Sithole ithuba elilodwa kodwa nalo belingagculisi. IPirates idlale kahle ngesiwombe sesibili, ibiqinile kakhulu. Bekunzima, kulimale uMosa Lebusa kodwa kulungile, sizolithatha iphuzu. Ukhumbule besidlala nePirates,” kuchaza uPitso ecashunwa abeSuperSport TV ngemuva komdlalo.

UJingles uphinde wachaza ngezinguquko azenze ngesiwombe sesibili.

“Sifake u-Ali Meza ukuze sikhuphule umgqigqo. UMakgalwa ubekhathele. UMshishi naye ubesekhathele. Sifake uJali ukuze asize esiswini ngoba iPirates ibiputshuka. Siqinise esiswini ngoba besinenkinga khona. Bekufanele ngisebenzise abadlali abathathu esiswini. Kodwa ibhola leli. Ungalingabazi iphuzu olithola kwiPirates. Likhulu leli phuzu, sisuka emdlalweni obunzima neWits. Kusasele imidlalo eminingi,” kuchaza uPitso.

IDowns izobuyela ensimini ngoLwesihlanu ibhekene neHighlands Park emdlalweni weligi eDobsonville Stadium.