Sphamandla Gumede

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uthi ufuna aqhubeke nokudlala ibhola alijwayele umdlali wakhe wasemuva uMotjeka Madisha yize ebe amaphutha emdlalweni odlule.

UPitso uqinisekise lomdlali ngokuthi ngeke bamgxeke ngokubhacaza emdlalweni owodwa kwazise abadlali abahlonishwayo emhlabeni nabo bawenzile amaphutha kulesizini.

UJingles wenze umzekelo ngoRaphael Varane weReal Madrid owenze amaphutha amabili ezakhe zikhishwa yiMan City kwi-UEFA Champions League ngesonto eledlule. Uphinde wabeka imizekelo ngoVirgil Van Dijk noHarry Maguire abadlala kwi-English Premier League, nabo abenze amaphutha adlisele amaqembu abo kulesizini.

“Ngicabanga ukuthi ukuqondana kwezinto noma kwenziwa isikhathi eside esihlalwe abadlali bengekho enkundleni. UMadisha wenze iphutha elifanayo nelikaVan Dijk weLiverpool. Futhi kuyafana noVarane kanye noMaguire weManchester United. Ngibona sengathi ukufana kwezinto kodwa abadlali basemuva abakulungele ukudlala,” kuchaza uPitso esithangamini nabezindaba ngoMsombuluko.

UMadisha ushaye udaka emdlalweni weNedbank Cup iSundowns ishaya iBidvest Wits ngo 3-2 ngoMgqibelo. Lomdlali wenze amaphutha amabili aholele emagolini kulomdlalo, wazidonsela amazinyo abushelelezi kubalandeli beqembu.

“Nathi besinalo ithuba lokushaya igoli ngephutha elenziwe uLorenzo Gordinho weWits. UMadisha kumele afunde, aqhubekele phambili ngoba abadlali abahlonishwayo emhlabeni nabo bayawenza amaphutha. Uwenzile impela amaphutha futhi umdlalo ubumphika. Usisize kakhulu emidlalweni edlule. Ngeke simgxeke ngokuboza kanye emdlalweni owodwa,” kubeka uPitso.

IDowns izobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni we-Absa Premiership ngoLwesibili eDobsonville Stadium. Umdlalo uzokhoniswa bukhoma ku-SuperSport 4 nakuSABC 3 ngehora lesithupha ntambama.