Umengameli waMaZulu FC uSandile Zungu uthi bazomemezela abaxhasi abasha nabadlali abasha beqembu ekupheleni kwenyanga.

UManzini ubize isithangami sabezindaba ngoMsombuluko ntambama lapho aveze khona ukuthi sebuphelile ubudlelwano boSuthu nabaxhasi abadala iSpar, ngokunjalo neGrinrod.

“Ekupheleni kwenyanga sizodalula abadlali abasha esibasayinisile ngokunjalo nomxhasi omusha oqavile weqembu. Sizodalula nejezi elisha,” kusho uZungu.

“Sifuna ukudlala kwiCAF Champions League, wonke umuntu uyazi okumele kwenziwe. Ngilindele abadlali ukuthi bamelane nesikufunayo. Ngilindele abasebenzi baMaZulu ne-technical team ukuthi bamelane nomsebenzi.

“Sekube namahlebezi ambalwa mayelana nezinto eziningi ikakhulukazi ezithinta uMobara noSikhakhane. Ngifuna ukucacisa ukuthi bayingxenye yeqembu,” kusho yena.