Ukapteni we-Argentina, uLionel Messi, uthi unethemba lokuthi bazoyinqoba iWorld Cup kulokhu kulandela ukufinyelela kowamanqamu ngokushaya iCroatia ngo 3-0.

Kuzokhumbuleka ukuthi uMessi uke wafinyelela kulesi sigaba ngo-2014 eBrazil, bashaywa yiGermany ngo 1-0.

Ekhuluma ngemuva komdlalo wayizolo, uMessi (35) uphinde wagcizelela ukuthi okokugcina edlala kulo mqhudelwano.

“Ngidlala kwiWorld Cup yami yokugcina, kuhle ukuthi sifinyelele kowamanqamu. Kusekude lo mqhudelwano ubuye, ngenxa yeminyaka yami ngeke ngisalunga kuyo. Ngizodlala kwiWorld Cup final yesibili empilweni yami, ngiyethemba kulokhu ngizoyinqoba,” kusho lo mdlali.

Khonamanjalo, siyanda isibalo sabafisela uMessi okuhle kodwa kowamanqamu njengoba abaningi bekholwa wukuthiu ‘kumfanele’ ukunqoba okungenani isicoco esisodwa seWorld Cup.