Umqeqeshi weFrance uDidier Deschamps ungene ezintangeni ebuzwa ngokubuyisa umgadli weReal Madrid, uKarim Benzema, esikwatini sakhe ngaphambi komdlalo wamanqamu ne-Argentina kwiFIFA World Cup.
UBenzema, onqobe iBallon d’Or nonyaka, ushiye isikwati seFrance ingakaqali iWorld Cup eQatar ngenxa yokulimala, okwamphoxa abaningi njengoba bekulindelwe lukhulu kuyena. IFrance ikwazile ukufinyelela kowamanqamu ngaphandle kwakhe nokho, njengoba yenza nango-2018 inqoba lo mqhudelwano.
Ngokwemibiko yakamuva, uBenzema useluleme ngokuphelele okwenze izintatheli zibuze uDeschamps ukuthi ngabe uzombuyisa esikwatini ngaphambi kowamanqamu.
“Ngincamela ukungawuphenduli lowo mbuzo. Ngicela omunye umbuzo, ngiyaxolisa,” kuphendula uDeschamps ngemuva komdlalo wayizolo neMorocco abawunqobe ngo 2-0.
Ekhuluma nabezindaba ngoNovember 29, uDeschamps wayethe ngeke esabuya uBenzema…nokho kulokhu akafuni ukuphendula.
Lo mqeqeshi uveze ukuthi kunabadlali okungenzeka ukuthi bangenwe wumkhuhlane, bayasiqapha kodwa isimo sabo ukuze kungatheleleki abanye.
IFrance izobhekana ne-Argentina kowamanqamu ngoDecember 18.