Abaphathi beRichardsbay Football Club baxoshe abaqeqeshi uVasili Monousakis, Pitso Dladla, Ronnie Gabriel namaphini amabili abaqeqeshi.

“Siyabonga ngabakwenzele iqembu ngesizini edlule. Sibafisela okuhle kodwa kwabakwenzayo ngomuso.”

IBay ithe izomemezela umqeqeshi omusha nethimba lakhe uma sebeqashiwe.

Ngemuva kokuphela kwesizini ka-2022/2023 kube nemibiko yokuthi iBay izama ukubuyisa uJosef Zinnbaiuer kwiDStv Premiership. Igcine igejile njengoba lo mqeqeshi egcine eqashwe yiRaja Casablanca.

Isinqumo sokuxosha abaqeqeshi abayibeke kwiDStv Premiership asehlanga kahle kubalandeli beBay, iningi labo likhala ngokuxoshwa kukaPitso Dladla.

Abanye abalandeli nokho bathi abaphathi bathathe isinqumo esihle ngoba kusale kancane babuyisele iqembu kwiMotsepe Foundation Championship emaphethelweni esizini.