Umqeqeshi weMarumo Gallants uDan ‘Dance’ Malesela uncome abadlali bakhe ngokukhombisa izimpawu zokuvuka emaqandeni ngasekupheleni komdlalo wabo neMamelodi Sundowns ebaxebule ngo 4-1 eLoftus Versfeld izolo.
Bekungokwesithathu kulandelana iMarumo ithole isibhaxu kule sizini, osekufake uMalesela ngaphansi kwengcindezi zisuka kwiBetway Premiership njengoba bekunombolo 16.
IGallants bike ngegoli elivalelwe wuGabadinho Mhango kulo mdlalo, okore esuka ebhentshini esiwombeni sesibili, kusadlule imizuzwana egezwe wuRonwen Williams kwi-penalty.
Ekhuluma ngemuva komdlalo uMalesela uzwakale ewumuntu okhushukelwa yithemba ngezakhe.
“Ngokubona kwami besingawathola amanye amagoli kulo mdlalo uma ubuka indlela umdlalo ohambe ngayo,” kusho uMalesela ekhuluma nabeSuperSport TV.
“Okungikhathazayo nokho ukuthi ngesikhathi usanda kuqala umdlalo besidlala nokusabam noma ukubahlonipha kakhulu. Ngesikhathi sekungene amagoli amathathu, siqalile saveza ukuthi nathi siyakwazi ukudlala.
“Kuningi kodwa engikuthandile engikubonile. Ngeke ngibagxeke abadlali ngoba bazamile. Bebasalwa noma sekungene amagoli amane. Uma sizoqhubeka ngale ndlela kuningi okuhle esisazokwenza.”
UMalesela uqhube wancoma abadlali abangene besuka ebhentshini ngokungakhalazi ngokuthi bafakwe iqembu selidliwa ngo 4-0.
“Yinto abayifunde kwi-training ukuthi akusho lutho ukuthi silandela ngemuva, siyaqhubeka sidlale ibhola lethu sizama ukukora nathi. Kwazi ba, ngolunye usuku bekungaba u 4-2 noma 4-4…” kusho yena.
IGallants izothola elinye ithuba lokuqoqa amaphuzu okuqala kule sizini emdlalweni wayo naMaZulu FC ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku eFree State Stadium.