Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi igoli elivalelwe yiMarumo Gallants emdlalweni abawunqobe ngo 4-1 limshiye ezizwa sengathi badliwe.

ISundowns inenebule iGallants kabi eLoftus Versfeld izolo ntambama yakhuphukela esicongweni seBetway Premiership.

Amagoli eSundowns avalelwe wuLucas Ribeiro, Tashreeq Matthews, Iqraam Rayners, noSphelele Mkhulise. IGallants ibike ngegoli likaGabadinho Mhango usuyophela umdlalo, nakhona ukore esanda kugeja ipenalty okusho ukuthi ibingaphuma namabili.

Ekhuluma nabeSuperSport TV ngemuva komdlalo, uMngqithi izwakalise ukunengeke ngenmdlela abadlale ngayo ngemuva kwezinguquko esiwombeni sesibili.

“Siwuqale kahle umdlalo, kwasiza nokukora umdlalo usanda kuqala, okwenze umdlalo wavuleka kancane. Ngicabanga besingawakora amanye amagoli kodwa sanganga,” kuchaza uMngqithi.

“UMarcelo uthole amathuba amabili amahle okokura, uPeter ube nebhadi. Sakhe inqwaba yamathuba, okuyinto engijabulisayo leyo ngoba iyona nhloso yebhola esilidlayo…angineme neze nemizuzu ewu-20 yokugcina. Kwesinye isikhathi kodwa uma wenza izinguquko eziningi kuyenzeka ilahleke indlela yokudlala.

“Igoli elisingenele lingenze ngazizwa sengathi sidliwe.”

Abadlale beDowns bazothola ithuba lokulungisa izinto uMngqithi angeneme ngazo uma isibhekene neKaizer Chiefs ngoMgqibelo eFNB Stadium.