Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uManqoba Mngqithi uthi baziyekele ukugqiba iRoyal AM esiwombeni sokuqala emdlalweni wabo weBetway Premiership ogcine uphele ngo 2-1 ngoLwesithathu ebusuku.

Amasandawana abuyele esicongweni kulandela ukuqoqa amaphuzu aphelele izolo ngamagoli avalelwe wuSiphelele Mkhulise noKhuliso Mudau. IRoyal AM ibike sekuyophela umdlalo ngegoli likaSbangani Zulu kodwa kusale kancane iphuce iDowns iqasha emlonyeni’ ngethuba lokugcina elakhile elivinjwe wuRonwen Williams.

Ekhuluma ngemuva komdlalo uMngqithi uzwakalise ukungenami ngamathuba abawayekile esiwombeni sokuqala kodwa wancoma abadlali bakhe ngokubuya namaphuzu aphelele.

“Siwuqale kahle umdlalo besishaywa ubunuku phambi kwepali, besenza amaphutha angenasidingo. Besingawuqeda umdlalo esiwombeni sokuhlala ngoba siwatholile amathuba okukwenza lokho,” kusho uMngqithi ekhuluma neSuperSport TV ngemuva komdlalo.

“Besingashaya inqwaba yamagoli kulo mdlalo…iyonanto engingayigxeka nje, kodwa abafana badlale kahle kodwa benze izinto zabanzima ngokungakori ngoba ekugcineni bebengakora, bese kuba njani?

Lo mqeqeshi uqhube wancoma abadlali bakhe basemuva nabasesiswini ngendlela abadlali ngayo.

NgeSonto iSundowns izobhekana nePolokwane City.