Umqeqeshi weCape Town Spurs u-Ernst Middendorp usecele iSAFA nePSL ukuthi baphenye onompempe beMotsepe Foundation Championship ngokuchema namaqembu athile njengoba engeneme ngomsebenzi abawenzayo.
UMiddendorp oqoke ukwehla neSpurs ngesikhathi idliwa yizembe ngesizini edlule, uthwele kanzima njengoba iqembu likombolo 9 kwi-log yeChampionship. Esicongweni kuhleli iDurban City iSpurs esele ngamaphuzu ayisithupha kuyo.
Lo mqeqeshi uthi inkinga ikunompempe.
“Ngemuva kokubhekana nento efanayo emdlalweni eyisikhombisa kwiMotsepe Foundation League ngingakusho kugcwale umlomo ukuthi onompempe balawula imidlalo ukuze bathole imiphumela abayifunayo,” kusho uMazinyo ngemuva komdlalo wabo neUpington City.
“Kunezinto ezingathinti ibhola ezilawula izinqumo zonompempe – sinabo ubufakazi.”
UMiddendorp ukhale ngokuncishwa amapenaly amabili emdlalweni wabo ne-Upington City igcine uphele ngo 1-1.
“Sibhekane nento efanayo emdlalweni neDurban City nangesikhathi sibhekene neMilford njengoba kuphinde kwenzeka. Ngicishe ngikwamukele uma kwenzeka ekuhambeni, kodwa lento isiyenzeka ngisho sidlala ekhaya, kuyacasula ngendlela emangalisayo.
“Onompempe njengamanje babukeka beyizidomu. Kumele bajeziswe ngoba ayamukelekile indlela abenzi ngawo umsebenzi futhi kumfanele baphenye ukuze lithuthuke ibhola leNFD.”
UMazinyo uthe akanendaba ngisho engamiswa ebholeni lakuleli isizini yonke ngezinkulumo zakhe ngoba usekhathele.
Kwisitatimende asifake ekhasini lakhe kuLinkedIn ukubhale ngamagama amakhulu ukuthi izinqumo zonompempe zihlomulisa amaqembu ‘axhumene nepolitiki’. Futhi indlela abhala ngayo icacile ukuthi ifuna le ndaba ifike kumxhasi weligi, uPatrice Motsepe.
MINISTER GAYTON McKENZIE @GaytonMcK
— Cape Town Spurs FC (@CapeTownSpursFC) October 23, 2024
WE CALL ON YOU TO ACT! PEOPLE’S LIVELIHOODS ARE ON THE LINE, LET ALONE YOUNG ASPIRING FOOTBALLERS WHO MAY NEVER GET THE CHANCE TO REACH THEIR DREAMS!
HEAR US AND STEP IN NOW!!!!
CEO Cape Town Spurs F.C. – Alexi Efstathiou pic.twitter.com/hSBAwGDHSb
ICape Town Spurs ibikhala nasezinkundleni zokuxhumana yaze yacela kungenelele ungqongqoshe wezemidlalo uGayton McKenzie.