Ungqongqoshe wezemidlalo kuleli uGayton McKenzie uthi sezisesigabeni sokugcina izinhlelo zokuletha iVideo Assistant Referee (VAR) kwimidlalo yakuleli.
UMcKenzie ungaphansi kwengcindezi njengoba edinga ukuqinisekisa ukuthi iVAR iyasetshenziswa kwiPSL ngemuva kwesethembiso asibeka eqeda ukumenyezelwa njengongqongqoshe wezemidlalo.
Ekuqaleni kwesizini ebuzwa ngalobu buchwepheshe ephalamende wacacisa ukuthi njengamanje basakhiphe itender ukuze abantu abangakwazi ukuhlinzeka iPSL ngalobu buchwepheshe baqale bafake izicelo. Kuthe kusaqhubeka lokho, ubesaxoxisana nomnyango weziMali ngesabelomali esizolekelela ngoba kwavela ukuthi kuzodla izigidi zamarandi ukusebenzi iVAR.
“Ukulethwa kweVAR sekusesigabeni sokugcina. Iyeza. Imali isikhona. ISAFA ezoqoka inkampani ezohlinzeka ubuchwepheshe,” kusho uMcKenzie.
“Njengoba sekusesigabeni sokugcina, angisangeni mina ngokomyalelo weFIFA.”
Ngaphandle kwalesi sigaba, nonompempe ekuqaleni kwesizin kuvele ukuthi babengakakulungeli ukusebenzisa iVAR kodwa bakhona abaqeqeshwe ngaphansi kohlelo lweCOSAFA.