Ukapteni weKaizer Chiefs u-Inacio Miguel uthi ukugcwala kwenkundla iFNB Stadium kuzobafakela umfutho emdlalweni wabo weBetway Premiership neMamelodi Sundowns namhlanje, ababheke ukuqoqa amaphuzu amathathu kuwo.

IChiefs izotholana phezulu neSundowns eFNB Stadium ngo 19:30 namhlanje. Ngesikhathi sokushicilela udaba bese kudayiswe amathikithi angaphezulu kuka-65,000, kusele abalelwa ku-8,000, okusho ukuthi maningi amathuba okuthi azodayisa aphele amathikithi ngaphambi kwalo mdlalo.

Okwenza abalandeli beChiefs baphume ngale ndlela wukuthi iKhosi libukeka lizelwe kabusha kule sizini ngemuva kokuqoqa amaphuzu awu-9 emdlalweni emithathu yokuqala.

“Noma siyihlonipha iSundowns, siyiqembu elikhulu. Ukudlala ekhaya kugcwele abalandeli bethu kusifakela umfutho,” kusho uMiguel.

“Sifuna ukuphendula iFNB indawo enzima kumaqembu esibhekene nawo, sifuna amaphuzu aphelele. Kusobala ukuthi iSundowns iyisivivinyo esikhulu, kodwa abafana bakulungele ukubhekana nale nselelo.