Londiwe Mthethwa
Umnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal ukhiphe isitatimende uziqhathulula ekusolweni ngokuba nesandla ekuxoshweni kukaJacinta Ngobese-Zuma kwiVuma FM.
Lokhu kulandela isimemezelo sikaJacinta izolo oveze ukuthi uyahlukana neVuma FM emthumele incwadi yokumxosha ngesonto eledlule ngoLwesibili ngaphandle kwezizathu.
Ngemuva kwesitatimende sakhe, kube nezinsolo ezibhekiswe kulo mnyango noNgqongqoshe wawo, uNomagugu Simelane, ngokuba yisandla sesithathu ekuxoshweni kukaMaNgobese, omatasa nomkhankaso wokulwa nabokufika abakuleli ngokungemthetho ngenhlangano yakhe iMarch and March.
“Umnyango awunalo igunya, umthelela, noma intshisekelo ezindabeni zokuqasha kunoma iyiphi inhlangano yezindaba noma inkampani engaphandle kwamandla ethu, futhi noma iziphi iziphakamiso zokubandakanyeka kwethu ekunqanyulweni kwenkontilekay yomethuli zingamanga.
“Siyakuhlonipha ukuzimela kwazo zonke izinhlangano ezizimele, okuhlanganisa neVuma FM, ekwenzeni izinqumo zangaphakathi ngabasebenzi bayo,” kusho uMnyango wezeMpilo esitatimendeni.
“Sinxusa abezindaba kanye nomphakathi ukuba bagweme ukukhulisa ukuqagela okungenasisekelo futhi baqinisekise abakubikayo ngemigudu esemthethweni.”
Kunukwa uMnyango wezeMpilo ngokuxoshwa kukaJacinta nje kusanda kuba khona ukungaboni ngasolinye phakathi kwenhlangano yalo msakazi iMarch and March noNgqongqoshe uSimelane kubangwa indaba yokuvinjwa kwabokufika abakuleli ngokungemthetho ezibhedlela zikahulumeni. UMnyango uthi lezi ziguli ezikuleli ngokungemthetho kufanele zivunyelwe ukwelashwa ngemali yabakhokhi bentela, mahhala, noma zikuleli ngokungemthetho. Inhlangano kaJacinta ithi akukho emthethweni lokho.