Omunye wabasizi baka-Erik ten Hag kwiManchester United, uBenni McCarthy, usephumele obala ngokuqhathe uJadon Sancho nalo mqeqeshi wagcina esebuyela kwiBorussia Dortmund nge-loan.
Kuzokhumbuleka ukuthi uSancho ushaye isishwaphana sakhe wahamba kwi-United ngoJanuary kulandela ukuchitha izinyanga ekhuhla ibhentshi kwi-United. Lo mdlali umiswe eqenjini kulandela ukuhluleka ukuxolisa kuTen Hag ngokumsola ngokuhubhuza amanga kwabezindaba. Ngaleso sikhathi, uSancho wayemphikisa ngkuthi akazikhandli ngokwanele uma eziqeqesha nabanye.
UBenni uthi okwenza agcine esehamba uSancho wukuthi uTen Hag unekhanda eliqinile, kanti noSancho naye uyakholelwa ekutheni akukho okubi akwenza.
“Uma uvela emgwaqeni, uzokwazi ukuthi akekho othanda ukuxolisa…kufana nokuvuma ukuthi awuziqeqeshi ngendlela efanele, uyivila…konke ayesolwa ngakho. USancho ubengeke akuvume lokho,” kuchaza uBenni.
“Umqeqeshi unemibono eqinile futhi wamazisa ukuthi ucela axolise. UJadon wayengaliboni iphutha lakhe, ngakho wayengasiboni isidingo sokuxolisa. Kwesinye isikhathi kumele uvele uxolise ngoba uwumdlali, ngeke uyinqobe impi nomqeqeshi.
“Ngakhuluma noJadon njengomqeqeshi nomngani, futhi njengomuntu okhule edlala ibhola emgwaqeni. Kodwa uJadon ubengezwa. Wathi uma exolisa kuzofana nokuthi uyavuma ukuthi uyivila, nokuthi akazinikeli uma edlala.”
USancho usethubeni lokunqoba iChampions League ngoMgqibelo, bazobhekana neReal Madrid kowamanqamu ngo-9 ebusuku.