Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena usekuqisekisile ukuthi ngeke adlale uThembinkosi Lorch emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup ne-Orlando Pirates, kodwa ungene ezintangeni sekucelwa incazelo ngesinqumo sakhe.
Ekhuluma nezintatheli ngoLwesine ngaphambi kwalo mdlalo ongoMgqibelo uRulani kumthathe isikhathi ukuveza ukuthi uLorch ulimele, kodwa wangasho ukuthi ulimelephi. Ngokuhamba kwesikhathi ube eseveza ukuthi angase adinge ukuxilongwa odokotela njengoba elimele, ngakho akasiboni isidingo sokumdlalisa kulo mdlalo.
“ULorch akekho ngoMgqibelo….engizokusho nje ngalokhu ukuthi uma kukhulunywa ngabadlali ngeke nizwe lutho olubi ngabo kimina. Sikhuluma nabo ehhovisi, kuphelele lapho. Ngeke nizwe lutho ngoLorch namhlanje,” kusho uRulani.
Ecela incazelo ngesinqumo sokugajwa kwakhe isikimu uLorenz Kohler, uRulani uvele waphendula ngokuthi: ‘Ulimele. Ehhe, ulimele.’
Ebuzwa ngabanye abadlali okungenzeka beqiwe yijezi, uthe ucela ukungabadaluli okwamanje ngoba usanezinsuku ezimbili zokubaqapha laba badlali.
ULorch usanda kuzidonsela amanzi ngomsele ebonakala ezijuxuza nabesifazane endaweni yobumnandi ngemuva kokunqoba iligi neSundowns.