Uvalele igoli ngomzuzu wokugcina uRelebohile Mofokeng i-Orlando Pirates iginqa iMamelodi Sundowns ngo 2-1 kowamanqamu weNedbank Cup eMbombela Stadium ngoMgqibelo ntambama.
IPirates ivikele icup eyinqobe ngesizini edlule phambi kweMbombela Stadium ebigcwele phama.
ISundowns ikore kuqala kulo mdlalo uThemba Zwane evalela igoli ngomzuzu ka-54 ngemuva kwebhola elihle elifakwe wuLucas Ribeiro.
IPirates ibuye emdlalweni ngepenalty evelwe wuPatrick Maswanganyi ngomzuzu ka-71. Kuthe usuyophela umdlalo obaningi belindele ukuthi kuyiwe kwi-extra time, uMofokeng, ongene ngemuva kwegoli likaMaswanganyi, washaya elihle igoli.
Umdlali ovelele kulo mdlalo kube wuThalente Mbatha.
Ekhuluma ngemuva komdlalo umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRulani Mokwena uthe akazi badliwe kanjani kulo mdlalo ngoba bebewuphethe futhi bathole inqwaba yamathuba. Ubongele iPirates kodwa ubekhalaza. Noma ebeke kanje, ama-stats omdlalo aveza okunye njengoba iPirates ishayele unozinti weSundowns izikhawu eziwu-11, iSundowns ngakolunye uhlangothi ithole amashodi ayisithupha kuphela.
Nangesizini edlule iPirates yanqoba iNedbank Cup ngo 2-1 ishaya iSekhukhune United.