Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou useshintshe umqondo ngesifiso sokusayinisa umgadli omusha ngoJanuary ngemuva kokubona izinga likaSifiso Luthuli koweBlack Label Cup ngoMgqibelo.

ULuthuli uvalele ingcwenga yegoli kulo mdlalo elibeke Ezimnyama phambili ngo 1-0 emdlalweni wazo neCarling All-Stars, ngaphambi kokuthi uBoitumelo Radiopane avalele elesibili nalo ebelilihle.

“Uma ngikhuluma ngoLuthuli, kwesinye isikhathi awudingi amasonto amabili noma inyanga ukuze ubonge umdlali omuhle,” kusho u-Ouaddou ekhuluma nabezindaba ngemuva komdlalo.

“Ngeshwa ubelimele isikhathi eside. Kodwa nakanjani uwumdlali ozomangaza abaningi esiwombeni sesibili sesizini.

“Ngisanda kuxoxa noRobert Marawa, ngesikhathi engibuza ukuthi ngifunani esiwombeni sesibili sesizini ngithe mhlawumbe umgadli, kodwa ngiyabonga ukuthi sengingasho manje ukuthi angisamdingi ngoba ukhona futhi uzosebenza.”

Ngaphandle kuka Luthuli, noRadiopane uwumgadli ozoyisiza iBucs njengomdlali wesikwati. Kuzokhumbuleka ukuthi u-Ouaddou wayemqalisa imidlalo ngasekuqaleni kwesizini kodwa wagcina esembeka ngaphandle njengendlela ‘yokumvikela’ – kodwa naye lo mgadli usasezinhlelweni zakhe.

IBucs ukuqinisa phambili nje sekuqale ukusabalala amahlebezi okuthi i-agent ka-Evidence Makgopa imthungathela iqembu laphesheya elingamsayinisa ngemuva kwe-Africa Cup of Nations.