MHLELI: Njengomlandeli we-Orlando Pirates ngicela ukuncoma umsebenzi omuhle esiwubonayo kule sizini bese ngikhumbuza iMpofana ukuthi liyohamba lisendela ukuthi sohlangana ngonyaka ozayo.
Kungijabulisile ukubona ezami zinqoba umdlalo wesikhombisa kwiBetway Premiership, kunginikeza ithemba emjahweni wesicoco seligi noma iSundowns isezithendeni zethu.
Ngibone iqeqebane labalandeli beChiefs e-Orlando Stadium, angazi bebeyaphi kodwa kshuthi bebezofuna umthobanhliziyo ngokugqisha ngakwiRichards Bay FC, engingakungabazi ukuthi isazobaxaka, nokho ke bagcine behambe bejabhile.
Ngokubona kwami abalandeli beChiefs kumele banciphise kancane ukuqophisana neBhakaniya, ukuze sizobhekana ngqo neSundowns. IChiefs ibhekene nesomiso sezinkomishi, kumele ngabe abalandeli bayo bagxile ekusizeni iqembu liphume kulesi simo, bayeke okwenziwa yiBucs.
Yebo khona kumnandi ukuchomelana nokujovona ezinkundleni, okuhambisana nenhlonipho, kodwa nemiphumela kumele ikhulume.
Kuloba uZanokuhle Malandela eMlazi
Nawe ungasibhalela owakho umbono uwuthumele ku: gibelasport@gmail.com