Umdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana uSipho Mbule uyalazi impela kodwa kusafanele azifundise ukuzibamba angaphaphi ngokweqile uma engcofana nabanye abadlali ikakhulukazi eqenjini lesizwe. 

UMbule ubonakale kwivideo engcofa uMbekezeli Mbokazi ethi usethenge ‘amaphaca’ ngoR100,000 awuthole kwiCarling Knockout. Noma ingazwakali yonke inkulumo yakhe ayibhekise kwiTLB, kuyabonakala kwivideo ukuthi lo mdlali akaneme ngenkulumo kaMbule. UMbokazi uzwakala enxapha, asukume bese eyoma eceleni. ‘Ihlaya’ likaMbule empeleni alibahlekisanga abadlali abaningi, kunalokho kubonakale sengathi kuba muncwana. 

Ezinkundleni zokuxhumana abanye bayakuchitha ukuthi uMbule uphume emgqeni, bathi yinto yakhona ebholeni ukungcofana kwabadlali, okuyiqiniso. Lokhu kwavezwa ngisho wu-Aubrey Modiba ngaphambi komdlalo weMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates ethi abafuni ukudliwa ngoba ozodliwa uzongcofwa ngalokho esikwatini. 

Ngufuna ukuxwayisa uMbule nokho ngoba kuyabonakala kwivideo ukuthi cha iTLB ayilithandanga ihlaya lakhe. Kunokuthi athambise isimo uMbule uvele aqinise ubuso naye. 

Kuyimanje lo mdlali akakaze achaze ngempela ukuthi obani ayebabiza ngolamthuthu ngesikhathi i-Orlando Pirates iqeda ukunqoba iMTN8 kule sizini. Nakhona ngafikelwa wumuzwa wokuthi yaphapha ngokweqile le nsizwa, yagcina isibiza abanye abadlali ngolamthuthu, okuyinto esingayazi ebholeni ukubona omunye umdlali ebiza abanye abadlali ngamagama ebachomela ngokunqoba iMTN8. Abanye abalandeli bathi le nkulumo wayeyibhekise kwiqembu ayelidlalela iSundowns, abanye bathi nakanjani wayegadla kwiChiefs. Noma ngabe waykubhekise kubani, kuyinto enganambithisiseki ukuthi kunomdlali weBafana obiza abanye abadlali ngolamthuthu.

Ngiyaphinda futhi, ngiyazi ukungcofana kuyingxenye ye ‘football culture’ phakathi kwabadlali, futhi angisho ukuthi abangancokoli uma bendawonye, kodwa asikuvume futhi nokuthi kukhona abantu abathanda ukuhlekisa ngabanye nalapho kungenasidingo khona.

Ukulazi yena cha uyalazi, kodwa ngelinye ilanga kufanele akuqaphele okuphuma emlonyeni wakhe ngabanye abadlali.

Kuloba uThangithini Madlala, eThekwini. Nawe ungasibhalela owakho umbono uwuthumele ku: gibelasport@gmail.com noma kwi-inbox kuFacebook.