Mhleli: Ngicela ukudlulisa umbuzo kumqeqeshi weKaizer Chiefs uNasreddine Nabi ukuthi uzocasha ngesithupha kuze kube nini uma imphumela ingamhambelanga kahle?
Ngibuza ngoba cishe sekukabili noma kathathu ekhala ngokungabibikho kweVideo Assistant Referee (VAR) uma umphumela ungamhambelanga kahle, noma kunezinye izinto angagxila kuzo ngokungawini kwaMakhosi.
IVAR ayikho eMzansi. Nginesiqiniseko sokuthi ngesikhathi exoxisana nabaphathi beligi, noma ngesikhathi ezenzela uphenyo, wabona ukuthi ayikho. Ufike ingekho. Ukukhala ngayo kanye, kuyezwakala. Uma usuzokhala ngayo njalo, uzogcina usubizwa ngomakhalanjalo. Kuvele sekuqaphelekile ukuthi yena nethimba lakhe labaqeqeshi abakunqeni ukususa impi nonompempe nabasizi bakhe uma kunezinto abaziphikisayo. Mangaki amakhadi asebewatholile?
Ngaphandle kweVAR, lo mqeqeshi usesole abezindaba ngokukhuphula amathemba abalandeli beChiefs ngeqembu aliphekayo. Angazi kodwa angikhumbule neyodwa inkundla yezindaba ithi iChiefs ibukeka izoba yingozi kule sizini. Esengike ngakubona nje izindaba ezibika ngabanye abaqeqeshi bencoma umsebenzi awenzayo kwiChiefs, njengoba kwenza uManqoba Mngqithi noHugo Broos.
Umbuzo wami uthi kungani uNabi engagxili ezintweni angazama ukuziguqula, ngoba iVAR iyokwenzeka mhla iPSL neSAFA sebekhiphe imali yokuthi ibe khona.
UNabi akalungise inkinga yokugeja eqenjini lakhe, akhohlwe onompempe ngoba basazomgila vele, iPSL le. Alikho iqembu elingabhekani nesinqumo esingekho.
Kumdlalo odlule nje uma sikhuluma iqiniso uBradley Cross noRanga Chivaviro bayekela amathuba amahle okwakufanele bawavalele. Uma sikhuluma iqiniso nje, iChiefs ngabe ikwitop 3 ukube iyawasebenzisa amathuba ayo kule sizini.
Phela asikhohliwe ukuthi lo mqeqeshi ufike wakhononda ngokungabibikho kwabagadli abasezingeni. Angikungabazi ukuthi lesi simo ngabe singcono ukube iChiefs yakwazi ukusayinisa u-Elias Mokwana noma uKhanyisa Mayo, no-Oswin Appollis, abaneso legoli nama-assist.
UChivaviro kumele ayeke ukunaka abalandeli aqinise ekuzicijeni ukuvalela amagoli ngoba angazi umgadli onjani odinga amathuba awu-20 ukuze avalele igoli elilodwa.
Okunye uNabi sicela ayeke ukusifuqa ngoYusuf Maart esiswini ovele aduke, ungamboni umdlalo wonke ukuthi wenzani. Ngathi akasazi manje ukuthi yini umsebenzi womuntu odlala endaweni akuyo njengoba ebuye acashe angayikhombisi intshesekelo yokufana ukwenza izinto zenzeke esiswini. Udinga ukuphaphama uMaart, akadlalisi okukakapteni olwela ijezi.
- Kuloba uMondli Yeni eMlazi
- Nawe ungathumela umbono wakho ku-gibelasport@gmail.com