Ophethe ezokukhangisa kwiKaizer Chiefs, uJessica Motaung usegcine ephawulile odabeni lwabadlali okunomdonsiswano neCape Town Spurs ngabo uLuke Baartman no-Asanele Velebayi.
Ngokwemibiko, sebengabadlali beChiefs bobabili laba badlali ngemuva kokusayina izinkontileka nayo, kodwa kuvela ukuthi iSpurs isazama ukuyichitha indaba yokuthi sebesayine kuMakhosi ngoba kwenziwe ngaphandle kwemvume yeqembu.
Kubikwa ukuthi laba badlali abaxoxisananga neqembu ngaphambi kokulilaxaza, nokuthi azibanga khona izingxoxo phakathi kweChiefs neSpurs ngoba ngokwemithetho yePSL umdlali odlalela iqembu elingekho kwiNational First Division engajoyina noma yiliphi iqembu afisa ukulijoyina elidlala ibhola elikhokhelayo. Nokho imthetho yeFIFA ngakolunye uhlangothi ikhuluma okunye, ithi iqembu ngisho lingadlala esigabeni sama-amesha, uma libhaliswe ngokusemthethweni futhi umdlali enenkontileka nalo, kufanele ihlonishwe. Ngakho ke uma udaba selungena enkantolo kuzobe kubangwa lezi zinto.
Ephawula ngesikhathi iChiefs yethula umjezi omusha ngoMsombuluko, uJessica Motaung uthe ngeke balenze iphutha lokumemezela abadlali bamanye amaqembu noma abasanezinkontileka namanye amaqembu.
“Sifuna ukulandela imithetho efanele uma sikhuluma ngabadlali esibheke ukubasayinisa,” kusho uMotaung.
“Sifuna ukuqhubeka senze izinto ngendlela efanele uma sikhuluma ngokusayinisa abadlali abazongena eqenjini elikhulu. Sizokwenza izimemezelo uma isikhathi sesifanele. Lindani kukhona into ezayo, kodwa asikwazi ukwenza izimemezelo ngabadlali abasadlalela amanye amaqembu noma abanezinkontileka, uma sekukhona okushintshile sizokwenza izimemezelo.”