Isitobha seKaizer Chiefs uGiven Msimango, sithi sekusezandleni zabo ukuqinisekisa ukuthi bathola amaphuzu aphelele emdlalweni wabo weDStv Premiership neStellenbosch FC namhlanje kusihlwa.

IChiefs neStellies bazodudulana eFNB Stadium namhlanje ngo-19:30. IChiefs isanqobe kanye emdlalweni ewu-5 edlule kwiDStv Premiership, ibhekene neStellies ekunombolo 2 kwi-log.

“Sibhekene neqembu elinokuzethemba okuphezulu, uSteve Barker nethimba lakhe balipheka kahle, ngiyababongela,” kusho uMsimango.

“Bayiqembu elidalela noma ubani inkinga, siyabazi ubungozi babo. Siyibukile imidlalo yabo sabahlaziya, ngicabanga ukuthi sesiwulungele umdlalo.

“Sekusezandleni zethu ukuthi sidlale ngendlela efanele ngoba singakhuluma ngamaqhinga usuku lonke, okubalulekile esizokwenza enkundleni.”

Uma inqoba lo mdlalo iChiefs izongena kwi-top 5.